Babel

The Tower of Babel (Genesis 11: 1-9)

isiZulu (Zulu)

  1. Umhlaba wonke wawunolimi lunye nokukhuluma kunye.
  2. Kwathi ekusukeni kwabo empumalanga bafumana ithafa ezweni laseShineyari; bakha khona.
  3. Base bethi omunye komunye: "Wozani, ake senze izitini, sizishisise." Izitini zaba ngamatshe abo, nebitume laba ludaka lwabo.
  4. Bathi: "Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke."
  5. UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu.
  6. UJehova wathi: "Bheka, bonke basizwe sinye nolimi lunye; yikho abaqala ngakho; manje abayikunqanyulelwa lutho abahlosa ukulwenza.
  7. Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye."
  8. Kanjalo uJehova wabahlakazela emhlabeni wonke, bephuma lapho; bayeka ukwakha umuzi.
  9. Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele, ngokuba uJehova wasanganisa khona ulimi lomhlaba wonke; wabahlakazela emhlabeni wonke.

[top]


Talk in Arabic - Learn Egyptian, Iraqi, Levantine, Sudanese, Moroccan, Algerian, Tunisian or Saudi Arabic

Note: all links on this site to Amazon.com, Amazon.co.uk and Amazon.fr are affiliate links. This means I earn a commission if you click on any of them and buy something. So by clicking on these links you can help to support this site.

You can support this site by Buying Me A Coffee, via PayPal or Patreon, or by contributing in other ways.

If you find all the adverts annoying, there is now an Ad-free version of Omniglot which you can access for a small monthly or annual donation.

Cloud Web Hosting - Kualo

This website and its content is copyright of Simon Ager - © Simon Ager 1998-2026. All rights reserved. All images were created by me, unless otherwise indicated. Feel free to use them for personal, educational or non-commercial purposes, and don't forget to mention where they came from. More details about copyright

Language skills in just 10 minutes a day with Ling

[top]